Hlanza ngedela nhliziyo yam’

Ukwenzè konke nhliziyo yam’

Impela wena yen’ umthandile

Uvumile kodwa ngawe akaqiniseki

Noma ubon’ engathi uzomshiya ;

Noma ubon’ engathi uzodlala ngaye.

Inhliziyo yomuntu ayilon’ ithoyizi lokudlala

Futhi lokhu nhliziyo yam’ ukwazi kahle.

Yingakho wena kuy’ ubon’ umfazi

Kodwa ubonakal’ edidekile akakazazi,

Ukuthi ufuna uthando noma ubukhazikhazi !

Yen’ uyakhazimul’ impel’ okwenkanyezi

Umbonisile ngamazw’ ukuthi uyamthanda

Futhi unesifiso esijulile sokumshada

Amazwi kuphela awasakhulumi, awazi?

Kuwe nhliziyo yam’ izenzo ebezishoda

Nhliziyo yam’ ubusumamukele,

Naphezu kokushiyeka namaphutha.

Nhliziyo yam’, uthando seluyimali !

Nhliziyo yam’, uthando selakhiwa imali !

Wazi ukuthi imali ayilutheng’ uthando,

Ushaye phansi uthando, uthando imali.

Wena nhliziyo yam’ awunayo nanendibilishi.

Kodwa ucebile ngothando nom’ umpofu

Sal’ uxola nhliziyo yam’ yamukela!

Awuyona le nto yen’ ayifunayo,

Futhi awunakho lokh’ akufunayo.

Nhliziyo yam’ awuhlulekang’ ukumthanda,

Uyen’ ohlulek’ ukwamukel’ uthando lwakho;

Uhlulekil’ ukwamukela wen’ uqobo lwakho!

Sal’ uxola nhliziyo yam’ myek’ ahambe…

Kunzima ngiyazi kodwa mfisel’ okuhle.

Sal’ uxola nhliziyo yam’ koze kulunge,

Sal’ uxola, xol’ impela nhliziyo yam’!

Ibhalwe ngu:

Sthembiso Sydney Msezane.