Sasisothandweni ngamubamba oqotsheni esephutheni wathi “Mhlengi cela ungxolele ngenze iphutha.” ngathi angiliboni iphutha uma sizohlukaniswa yilo futhi iphutha ngoba mina benginenhloso yokuthanda wena, kanti wena wamukela inhliziyo yami ngenhloso yokuyiphula maqede wathi iphuke ngephutha.
Ntokazi uma bekubuza ukuthi sesambe elide ibanga yini lengaka esayibanga wobatshela ukuth sabanga ukuthi ngangingeke ngikwazi ukukubanga nabanye inhliziyo yakho uma isifuna ukuhamba ngangingeke nngiybambe ngoba bengizoylimaza.
Inhliziyo yakho ngaythola ifana nephuphu lenyoni engalithola beliphule izimpiko lingakwazi nokundiza, ngalithatha ngalifukamela ngalifundisa ukundiza laze landiza langishiya. Kunjalo vele othandweni kunezinhliziyo eziphulwa abanye zithotshwe abanye zipholiswe abanye emvakwalokho zihambe ziyothanda abanye.
Hamba juba bayokucutha phambili