QHAKAZA mzali wami!

Seyifikile imini

Obe uyilindele

Ngekathi ubusuku bubude

Izinkophe zakho zisindwa izinyembezi

Izinyembezi ezilethwe yincondo

Inqondo eyayiqabanga ukuthi

Ezethu izisu ziyo suthiswa yini

Hhaaa!! Zikuhleka izazi

Hhe hheee!!

bekuhleka osiyazi

Kodwa owakho umbhoko awukusindanga we ndlovu

Ubengumgodi kawugqwali

Ngiyabonga mkhonto ongashi

Ngoba ungalilahlelanga ithawela

Yingakho sengithi qhakaza mbekezeli!

Ngoba nansi impilonhle iyakubiza

Ikubiza ikubizela kubabongwayo

Yingakho sengithi qhakaza nhliziyonde!

Ngoba azisazi izazi

Ngobake ivalekile imilomo kayithuli

Yingakho sengithi qhakaza mzali wami!

Ngoba SENGIYABONGA!!!