Uze ungavumi ukuqedw’mandla

Ngento ezosiza wena wedwa.

Abantu banomona langaphandle

Omunye umuntu abamfisel’okuhle.

Amehlo wakho ungawabhekisi kude

Buka eduze kwakho abasondelen’nawe.

Nesihlahla asiwiswa umuntu okude

Kodwa ngose duze.

Bayakhala uma ukhala inyembez’zenkawu

Bahleke uma uhleka inhlinini.

Kodwa abakhohliwe

Ukuthi fanele bakuq’mandle.

Uma uhluleka bayajabula

Ma uphumelela bayadinwa.

Vala umlomo uzenzelintoyakho

Ma ufuna ukuphumelela.