Uze ungavumi ukuqedw’mandla
Ngento ezosiza wena wedwa.
Abantu banomona langaphandle
Omunye umuntu abamfisel’okuhle.
Amehlo wakho ungawabhekisi kude
Buka eduze kwakho abasondelen’nawe.
Nesihlahla asiwiswa umuntu okude
Kodwa ngose duze.
Bayakhala uma ukhala inyembez’zenkawu
Bahleke uma uhleka inhlinini.
Kodwa abakhohliwe
Ukuthi fanele bakuq’mandle.
Uma uhluleka bayajabula
Ma uphumelela bayadinwa.
Vala umlomo uzenzelintoyakho
Ma ufuna ukuphumelela.