Ngikhathele ukukhala

Ilokho ebengikwenza kuleminyaka

emithathu eyedlule

Ngisho namehlo ami abuhlungu

Asevele abebuhlungu ngaphandle

kwesizathu

Ngoba asenesijwayezi sokukhala

zonke izinsuku

Alukho usuku oluphelayo

ngingabuswanga imicabango

yokuziphuca umphefumulo wami

Angazi nokuthi ngazalelwani

Ngiyaluzonda usuku engenziwa ngalo

Ngizwa abantu bethi kukhona

uNkulunkulu kodwa uphi kwizimo

ezibuhlungu engibhekene nazo

empilweni yami?

Akangazi nokuthi ngikhona

kulomhlaba

Ngazalelwani?

Sikuphi isidingo sami sokuthi ngibe

kulomhlaba?

Umhlaba ungaqhubeka ngaphandle

kwami,akusho ukuthi ngiqavile

ukuba umhlaba uqhubeke nokuphila.

Anginaso isizathu sokuphila

Pho yini ndaba ngisavuka ekuseni?

Ngoba impilo yami imuncu

Ukuphila impilo yami nsuku zonke

kunguku hlukumezeka futhi

kungukulimazeka

Angizidabukeli kodwa kubuhlungu

kakhulu futhi angazi nokuthi ngenzeni

ngalobu buhlungu engibuzwayo

Impilo yami imi ndawonye

Konke angikwenzayo akulungi

Ngihluleka kuyoyonke into ezokwenza

ngcono impilo yami

Kuze kube imanje akukho

okusebenzayo

Ngineminyaka emine ngizama manje

kodwa akunanguquko

Ngifune umsebenzi kodwa

angiwutholanga

Ngiqhube imfundo ebangeni

eliphakeme kwangasebenza

Ngazisebenza kwangasebenza

Ngangena kumabhanoyi emali

Pho kumele ngenzeni ngempela?

Okwamanje empilweni yami

Ngiyavuka

Ngiziphoqe ukugeza

Ngiziphoqe ukupheka

Ngiphoqe ukudla

Ngifunde incwadi,ngidle,ngiphuphe

ngokuthi kufanele engabe ngikephi

nempilo njengamanje,ngilale

Ngizinikele ekukhaleni,ngizilungiselele

ukuba umzimba wami ungitube

ngezinhlungu amahora

Ngosuku olulandelayo ngiphinde

ngenze njengayizolo

Oh yaze

yabuhlungu,yamuncu,yama ndawonye,

yangaba nanjabulo impilo

engiyiphilayo

Cha emaqinisweni iyona ehola mina

ngithobela umthetho wayo qha