Ngikhathele ukukhala
Ilokho ebengikwenza kuleminyaka
emithathu eyedlule
Ngisho namehlo ami abuhlungu
Asevele abebuhlungu ngaphandle
kwesizathu
Ngoba asenesijwayezi sokukhala
zonke izinsuku
Alukho usuku oluphelayo
ngingabuswanga imicabango
yokuziphuca umphefumulo wami
Angazi nokuthi ngazalelwani
Ngiyaluzonda usuku engenziwa ngalo
Ngizwa abantu bethi kukhona
uNkulunkulu kodwa uphi kwizimo
ezibuhlungu engibhekene nazo
empilweni yami?
Akangazi nokuthi ngikhona
kulomhlaba
Ngazalelwani?
Sikuphi isidingo sami sokuthi ngibe
kulomhlaba?
Umhlaba ungaqhubeka ngaphandle
kwami,akusho ukuthi ngiqavile
ukuba umhlaba uqhubeke nokuphila.
Anginaso isizathu sokuphila
Pho yini ndaba ngisavuka ekuseni?
Ngoba impilo yami imuncu
Ukuphila impilo yami nsuku zonke
kunguku hlukumezeka futhi
kungukulimazeka
Angizidabukeli kodwa kubuhlungu
kakhulu futhi angazi nokuthi ngenzeni
ngalobu buhlungu engibuzwayo
Impilo yami imi ndawonye
Konke angikwenzayo akulungi
Ngihluleka kuyoyonke into ezokwenza
ngcono impilo yami
Kuze kube imanje akukho
okusebenzayo
Ngineminyaka emine ngizama manje
kodwa akunanguquko
Ngifune umsebenzi kodwa
angiwutholanga
Ngiqhube imfundo ebangeni
eliphakeme kwangasebenza
Ngazisebenza kwangasebenza
Ngangena kumabhanoyi emali
Pho kumele ngenzeni ngempela?
Okwamanje empilweni yami
Ngiyavuka
Ngiziphoqe ukugeza
Ngiziphoqe ukupheka
Ngiphoqe ukudla
Ngifunde incwadi,ngidle,ngiphuphe
ngokuthi kufanele engabe ngikephi
nempilo njengamanje,ngilale
Ngizinikele ekukhaleni,ngizilungiselele
ukuba umzimba wami ungitube
ngezinhlungu amahora
Ngosuku olulandelayo ngiphinde
ngenze njengayizolo
Oh yaze
yabuhlungu,yamuncu,yama ndawonye,
yangaba nanjabulo impilo
engiyiphilayo
Cha emaqinisweni iyona ehola mina
ngithobela umthetho wayo qha