Ohhe!saphela isizwe sabansundu

Kancane, kancane siyaphela isizwe sabansundu.

Kanti akufanele kube abantu besilisa abasivikelayo

Kodwa yibona Bantu abasihlukumezayo imihla namalanga

Ohhe! Saphela isizwe sabansundu

Ukukhala kwethu akuzwakali kubona

Nkulunkulu thethelela abakwazi abakwenzayo

Bantu besilisa senzani kunina

Aneliseki ngokusibona sikhala,simemeza sifuna usizo.

Kufanele engabe nisinikeza uthando kodwa nisiphathisa okodoti.

Ohhe! Saphela isizwe sabansundu

Kufanele engabe niyasivikela kodwa niyasibulala

Kwaze kwanzima ukuba umuntu wesifazane.