Nkanyezi yami
Kumdali ngonani ngathweswa umqhele wameva ohlaba kangaka?
Ngenxa yothando lwami ngawe wena mqhakazi wenhliziyo yami
Kwesikabhadakazi ngivuka ngihlale ngezibunu
Ngenxa yeminjunju nob’hlungu engibuzwa ngenxa yakho
Kanti ngonani mina kuMvelinqangi engaka?
Ngisho nabazali sebang’bhakela ngelinomantshu icala ngenxa yakho
Kangazi noma ngicele empunzini
Noma ngithule ngingasho lutho uma ngabe ugijima kweyami imicabango
Ngenxa yakho nkanyezi kangiyi kuwubona umbuso wezulu
Ungenze ngangakwazi ukuhubela noma ukutusa owami uMdali
Impela uyabusa kweyami inhliziyo
Kukodwa engik’bonga ngakho ukuthi uguqule ubugwadule benhliziyo yami
Ngamazwi emikhemezelo yakho
Nkanyezi yami uwena wedwa izulu nephakade lami