Noma ngingazama kodwa ngiyahluleka
Ngihlulwa yilenhliziyo yobudoda.
Okuthi noma uNkosikazi angenza kahle kanjani
Kodwa ingavumi ukuncoma,
Ibone kufanele ngoba vele ngamlobola.
Igama liyenqaba ukuphuma emlonyeni
Ligcina ngaphakathi enhliziyweni.
Noma ngenze iphutha iyenqaba ukuvuma
Ithi mina ngiyindoda, indoda ayixolisi.
Ngisho angaveza umbono omuhle
Kodwa lenhliziyo ifike ingitshele ukuthi angeke ngizwe ngo m…i.
Nami angizenzi ngenziwa ukhula
Olamila ezindlebeni zam kukhuluma obaba nomama.
Noma babesitshela abadala ukuthi asivale izindlebe uma bekhuluma noma sibafundela izincwadi ezaziphuma emaGoli
Kodwa akekho ongayazi indlebe ukuthi iyafana neso ikhonze lokhu okungayifanele.