Noma ngingazama kodwa ngiyahluleka

Ngihlulwa yilenhliziyo yobudoda.

Okuthi noma uNkosikazi angenza kahle kanjani

Kodwa ingavumi ukuncoma,

Ibone kufanele ngoba vele ngamlobola.

Igama liyenqaba ukuphuma emlonyeni

Ligcina ngaphakathi enhliziyweni.

Noma ngenze iphutha iyenqaba ukuvuma

Ithi mina ngiyindoda, indoda ayixolisi.

Ngisho angaveza umbono omuhle

Kodwa lenhliziyo ifike ingitshele ukuthi angeke ngizwe ngo m…i.

Nami angizenzi ngenziwa ukhula

Olamila ezindlebeni zam kukhuluma obaba nomama.

Noma babesitshela abadala ukuthi asivale izindlebe uma bekhuluma noma sibafundela izincwadi ezaziphuma emaGoli

Kodwa akekho ongayazi indlebe ukuthi iyafana neso ikhonze lokhu okungayifanele.