Ngikhulumile kusenesikhathi

Kodwa akangizwanga.

Indlela engangifisa ayicabe wayibalekela

Namhla isimile isikhotha ayisahambeki.

Baphi abangani bakhe ayebalalela kunam?

Ngaba yinhlekisa yesahluleki emphakathi

Bonke bethi ngihlulwa ukukhulisa ingane.

Lizwi lini ayolilalela njengoba engimemeza

Ahluleka ukungilalela ngisadla anhlavana.

Ngiyikeleni ngiphumule

Ngiyekeleni ngiphumule.

Nalezi ngane ezimkhalisayo

Ukube wangilalela ngaba zikleza kogwansile.

Ngikhalela imbuzi zam ezadayiselwa ubala

Engangimakhela ikusasa walalela abangani

Wathengisa ngekusasa lakhe.

Ayefunda nabo nabalalela abazali babo

Namhla bakhomba ngophakathi, yibona esebondla abazali babo njengoba yena ekhalela mina sengalala kobandayo.

Ukukhala kwakhe angeze kumsize

Ngoba nokwami ukukhala akungisiza

Waqhubeka wenza izinto ezaziphambana nezifiso zam ngaye.

Ngiyekeleni ngiphumule.