Ukufa Kami.

Ngangihlezi ngibalisela indodana yami uZusiphethandile ukuthi kubaluleke kangakanani ukusondelana nabaphantsi.

Ngizamile ukuthi ngimbonise indlela abaphantsi abasebenzangayo ngisaphila kodwa kwantlanga zimuka nomoya kuze kube yilapho kufika isikhathi abakithi bengibizela kubona.

Usuku engawushiya ngalo umndeni wami angilithandanga kodwa kwakungekho kuthini uma oNtshangase,oMgazi,oHcoba,oSobhuza bengithatha ukuthi ngiye kohlala nabo ingunaphakade.