Sengisaba ngisho nokuthi ngikubize ngaye umngani
Ungibonisile engingakase ngikubone
Mngani ngiyakwesaba
Ngangikwethemba ubusufana nodade kimi
Ngangithi noma ngingenelwa amanzi endlini kusinde kwehlele ngikhalele kuwena
Wangigila wangilaqaza okwamafinyela
Cha mngani ngiyakwesaba
Wawulalela konke engangikutshela kona kanti uyazi ukuthi ngizobulawa uwena egcineni
Kanti uyini umngani uma uzojikelwa nguyena
Ngiyakwesaba we’mngani