Ngiyesaba futhi nginovalo,
Kazi kwakhala nyonini kuleli.
Uma abesifazane sebekwazi ukuzibangela ababhadi.
Ngoba nina mantombazane, niyangixaka.
Nikuthathelaphi ukubulala ingane engenamacala
Nizigubhele amathuna eziswini ?
Mina kangifuni ukunikhohlisa,
Ngiyakwesaba okusazoza.
Nina nitshala imbewu yamabhadi,
Manje sekumila ukufa seniyesaba ukuvuna.
Nina niyangixaka,
Angithi kwathiwa iingane ziyisibusiso,
Manje nikuthathelaphi ukuzibulala zingekazalwa nokuzalwa ?
Masenifuna abantwana ningabatholi,
Nizothi niyathakathwa.
Heee, ngiyakwesaba okusazoza.
Eyyy ngoba nalokukhula kuyasihlupha,
Imizimba nemicabango yethu isimidala kuneminyaka yethu.
Lokho yingakho sijahela izinto ezikude kunathi.
Ngiyakwesaba okusazoza.
Ngingazi ukuthi abesilisa bakuthathelaphi ukushaya abesifazane mabesedakiwe.
Yebo asisho ukuthi yekani ukudakwa, kodwa kukaleleni ukudakwa kwenu.
Iinduku masezibuya ngani, nizothi niyathakathwa hee mina kangifuni ukunikhohlisa,
Ngiyakwesaba okusazoza.
Ngingazi nikuthathelaphi ukubulalana nokuthakatha.
Thina besazi ukuthi imvelo eyokwelapha ,
Futhi phantsi komhlaba kugqitshwa inkaba.
Manje senigqiba imvelo phantsi komhlaba nibulalana.
Abanye nibabulala bengenzile lutho bezizanela kuphela.
Noma sesinibuza ukuthi nithakathelani,
Vele nizocasha ngendlala.
Sekunzima kemanje, amanzi amnyama siwaphehlelwa abomndeni.
Kanti nabasemaphandleni bayagadla.
Eyyy ngoba abantu bayokumangaza.
Mina kangifuni ukunikhohlisa,
Ngiyakwesaba okusazoza.
Mina ngangingazi ukuthi ukuthwasa sekwaba yimfashini.
Futhi, ngangingazi kuthwasa nabanganaso isphiwo.
Heee, ngiyakwesaba okusazoza.