Siyofika nini isithi
Lapho khona inkunzi izoba sematholeni?
Ngikhuluma nge South Africa
Esiyithanda njengoba sizithanda.
Lapho khona sikhule
Kuthiwa inkunzi isematholeni.
Kudela amehlo ayosibonela
Izwe seliholwa abantu abasha.
Behla benyuka besina bededelana
Njengentuthwe ehlobo zisebenzel’ubusika.
Izalukazi namakhehla zihlehlile
Zidlala nabazukulu emakhaya.
Ngisacela ukubuza ndlwempisholo
Solinda kuze kubenini?
Noma kuzodingeka umuntu ayofun’umuthi
Wokuguga ukuze ezoba umholi.
Ezweni okuthiwa inkunzi isematholeni
kodwa sibesingaboni kwenzeka.
Siqhubeke silinde yini?