Ngicela unginike yena ngimphathe kahle.

Nginike yena ngyathembisa ngeke ngimlahle.

Kulenyanga yothando uzoba istofu sami samalahle.

Wena gikubonile kukhlulile ukumphatha kahle.

Ngike ngambona eye kosonhlalakahle.

Ngicela unginike yena ngimphathe kahle.

Uthando ngilufanisa nembali leyakho ngathi awuyicheleleli.

Ngicela unginike yena mina wena mase uhlala eceleni.

Uthule ubuke ukuthi lomntwana ngimphatheleni.

Ngifuna ukumenza ingelosi esaphila emhlabeni.

Uma unganginika yena angazizwa engathi uyaqala ukuba semathandweni.

Ngicela unginike yena ngimcabele indlela ebheke emendweni.

Mnike mina ngizombheka emehlweni.

Ngimtshele uthando alusasazelwa lungeNcanga lolu lusuka enhliziyweni.

Uma ngabe ukuthanda yena kungukufa ngiyekeleni.

Ngyekeleni ngiphoseke eweni 

Kunokuba ngife ngingakamtshengisi ukuthi ngimphatheleni.

Bathi umlomo uyayithenga indizamshini.

Kepha ngaye mina angizwa mshini.

Ngyazi wena awumthandi uzifunela ilokhuzana.

Nginike yena mina ngimenze umalokazana.

Nginike yena mina ngyathembisa ngzomenza inkosazane.

Nginike yena ngzozishaya ziphelel ngaye ngizobizwa ngomnumzane.

Ngifuna yena hhay ofana naye ngyazi maningi amantombazane.

Nginike yena ngikutshengise imbokodo iphathwa kanjan.

Uma unganginika yena ngyomenza ufakazi wothando lweqiniso.

Uma ngingathola elinye ithuba lokukhetha ngingaphinde ngikhethe yena.

Ngicela unginike yena 

Ngipholise lezi zibazi azibekwa uwena.

Usezandleni ezingaphephile uma ekuwena.

Nginike yena ngimdwebele isthombe esisha ngothando.

Ngifuna ukumenza umfazi 

Ngifuna ukumthoba izibazi.

Ngifuna ukumnika uthando abengalwazi.

Ginike yena nawe uzoba ufakazi

Wokuthi uthando luyaphila uwena ongenalo.