Ngimuhle nginje!
Ngimabokoboko nginje!
Ngiyazi angisoze ngakwanelisa
Kungaze kuphume umphefumulo
Ubuyele kumdali.
Ngezenzo zami zokwahluleka
Nangenhliziyo exhengayo
Kube sengathi nomphefumulo odabukileyo
Nqondo uthathe ubeke njalo akuyong’fikisa ndawo.
Phela okwenzekile kwenzekile
Namagama angasoze aphindela kas’fuba.
Noma ngikupha inhliziyo eyehla
Igazi nezinyembezi .
Soze waneliseka.
Ngisola nabazali abangi letha kulelizwe ngaphandle kwemvumo yami.
Buka manje ,ngihlezi emanzini.
Ukuzwa ubuhlungu kanye nokujabha
Ikhaya lam’ lesibili
Ngiyazama ukungabi yihleleleka kodwa
Angikhoni ukuzibamba ngokwanele.
Kuvele kuxhume umfula emehlweni ami
Ngizwe ukuthi sekushubile
Zithi “tho tho tho” izinyembezi
Ungasho ukuthi ngiyihhololo kodwa nami
Nginemizwa ,ngimanikiniki nginje.
Nam’ ngiyafuna ,ukuba nezwi
Ukubamba izinyembezi ngenkophe
Sekwaba umqhilo wes’dwala .
Kuhle makunje.
Kuhle uma nginje.
Mathe ami ngilinde!