NGIKHULULE

Sukukaningi ngibuka, ngithula ngingazi ukuthi ngizothini.

sihambile iskhathi ngilokhu ngizinika ithemba, ihambile iminyaka ngilokhu ngithi uzokhuluma.

Cha ngibona uthule ngihlezi ngizibuza lombuzo kazi lusekhonani uthando lwami kuwe?

Ngiyazibuza kungabe ngikhonani emcabangweni nasemaphusheni akho na?

Uma kusenjalo kungani pho uthule kangaka?.

Ngiyazama ukuxoxa nawe koda awunginakile kunalokho ubamatasa noma ngithi ngiyakudoba ukuze unginake awudobeki nhlobo.

Ngibhale incwadi ngathi ngicubungela yona okumangazayo iphelile impelasonto akaze wabuya kimi. lendatshana ibingeke iqede ngisho imizuzu emihlanu.

Sengyabona awunaso nhlobo esami iskhathi.

Angsazi ngenzenjan ngawe impela ngehlulekile ukukqonda ukuthi ungumuntu onjani wena kwezothando.

Unembeza ungitshela ukuthi khona intombi osuyitholile encono kakhulu kunami.

Yingakho ngicela ukhulume okusenhlizweni yakho ngami.

Yingakho ngikucela ngikhulule uma ungasenalo uthando lwami ngitshele ungangifihleli lutho ngifanele ukwazi ngiyakucela.

Ngikhulule ukuze ngikhululeke nasemoyeni, enhlizweni nasemphefumulweni.

Ngingodidekile manje ngawe angazi lutho futhi awuxoxi lutho.

Ngikhulule.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA