Namhlanje ngiyakhala ngiyazithulisa
Ngikhalela ingane zami engizibona zihlupheka.
Ngabamba umawazo oqotsheni
Epheny’sidwa emzini kababa.
Ngabona kungcono ngithathe eyam impilo
Kuyongihlula ukukhulisi ingane umangitha eyakhe.
Ngangiyo lala kanjani embheni apheny’isidwa kuwo
Emzini kababa pho?
Kwakuzongisiza ngani ukwendisela koyisemkhula
Owangena ngesibhobo emzini kababa?
Ingane zam zaziyophenduka intandane
Ngilibele ukubhadla jele.
Ngabalekela ijele ngangena ejele
Langikhona ngyakhala
Kodwa angibonwa muntu.
Bayakhala angikwazi ukubasiza
Ngoba ngiboshiwe,
Ngidonsa icala lokuzibulala.
Ukube ngangazi ngangiyomkhulula
Unkosikazi ahambe nesoka lakhe.
Ngangiyomkhulula ahambe nazo ingane methanda
Ngoba sasiyobonana nazo mazingikhumbule.
Zaziyobuya mazihluleka ukuhla nonina nesoka lakhe
Namhla ngiyazibona zihlulekile kepha angisekho.
Ngyazizwa ziyakhuluma zithi ngangcono bengikhona
Beziyobu zizozihlalela nam.
Nam ngikhala sam ngiyakhuluma nazo
Kepha azingizwa.
Uma bezingizwa bengozithuma kuShembe
Ziyongicelela intethelelo ngokuzibulala kwam.
Selungixolele uNyaz beziyoyiqala indaba
Ngiyiphethe ngezenzo okukhomba ukuxhumana.
Ithemba alibulali ngyophikelela
Koze kulunge.
Ngifisa ithuba lesibili lokuba ubaba kuzona
Ngizivikele noma ngingasekho.
Ngibaphe izinhlanhla bachichime
Noma ngingasekho.