Namhlanje ngiyakhala ngiyazithulisa

Ngikhalela ingane zami engizibona zihlupheka.

Ngabamba umawazo oqotsheni

Epheny’sidwa emzini kababa.

Ngabona kungcono ngithathe eyam impilo

Kuyongihlula ukukhulisi ingane umangitha eyakhe.

Ngangiyo lala kanjani embheni apheny’isidwa kuwo

Emzini kababa pho?

Kwakuzongisiza ngani ukwendisela koyisemkhula

Owangena ngesibhobo emzini kababa?

Ingane zam zaziyophenduka intandane

Ngilibele ukubhadla jele.

Ngabalekela ijele ngangena ejele

Langikhona ngyakhala

Kodwa angibonwa muntu.

Bayakhala angikwazi ukubasiza

Ngoba ngiboshiwe,

Ngidonsa icala lokuzibulala.

Ukube ngangazi ngangiyomkhulula

Unkosikazi ahambe nesoka lakhe.

Ngangiyomkhulula ahambe nazo ingane methanda

Ngoba sasiyobonana nazo mazingikhumbule.

Zaziyobuya mazihluleka ukuhla nonina nesoka lakhe

Namhla ngiyazibona zihlulekile kepha angisekho.

Ngyazizwa ziyakhuluma zithi ngangcono bengikhona

Beziyobu zizozihlalela nam.

Nam ngikhala sam ngiyakhuluma nazo

Kepha azingizwa.

Uma bezingizwa bengozithuma kuShembe

Ziyongicelela intethelelo ngokuzibulala kwam.

Selungixolele uNyaz beziyoyiqala indaba

Ngiyiphethe ngezenzo okukhomba ukuxhumana.

Ithemba alibulali ngyophikelela

Koze kulunge.

Ngifisa ithuba lesibili lokuba ubaba kuzona

Ngizivikele noma ngingasekho.

Ngibaphe izinhlanhla bachichime

Noma ngingasekho.