Ngaphandle madoda sihleka kuvele elomhlathi
Emakhaya sibaba njenge nhlaba.
Limile ikhanda imamba iyaqhoboza
Inede ingaqhamuka egcekeni kubaleke kwasani.
Ingeyani inhlaba?
Ngaphandle umnandi njengoshukela
Egcekeni ubaba njenge nhlaba.
Asibaxoshe uma singabadingi ezimpilweni zethu 
Kunokuba sibahlalosele ukuthuka izanya bazibone benecala kodwa bengona lutho. 
Asikhumbule uthando lokuqala
Sibathande ngothando esabethembisa lona.