Noma sebekushiyile abaningi 
Mina angiyikukushiya.
Noma bangakuphika
Kimina uyohlale ukhona.
Noma ngingakuboni
Wena ulithemba lam.
Noma ngingangalizwa izwi lakho
Ngaphakathi enhliziyweni yam ukhona. 
Ngikuthanda ngothando olungapheliyo
Wena owangithanda ngingekazalwa.
Uma bekuthuka kubabuhlungu kimi
Ngoba ngakhiwa eyakho inyama.
Ubumpumputhe bezwe amahlalakhona
Nginge phike nawo.
Ikukhulumele imisebenze
Kodwa abantu baphenduka izimpumputhe.
Bakukhumbula uma befuna izikhundla
Sebezitholile bakugabisele ngezithende.
Uyindla beyiphika abafo nabafokazana
Kodwa awubadeli ngoba bavela kuwe.
Uyichibi elihle lokugeza
Naba nochoko nesisila bayagezwa.
Omdelwa nezaliwakazi
Ubageza baphenduke izintandokazi.
Bayeke bakuphike wena wasezulwini
Ekugcineni bayokudinga.