Ndoni yamanzi.

Umuhle ndoni yamanzi.

Unebala elinsundu,

Kodwa umuhle nebala lakho elinsundu,

Ngiyaziqhenya ngawe!

Isikhumba sakho sibushelelezi,

Ngikuthanda unjalo ndoni yamanzi.

Ziqhenye ngobuwena.

Ibala lakho lihle okwegolide,

Ungavumi ngawe,

Ngoba ibala lakho,

Liyigugu kuwe.