Bafika basika kuwe bathola okunothile
Dombolo lolwazi
Dombolo elimnandi elisinika ikusasa
Ngawe siyovula iminyango engakaze ivulwe
Dombolo lolwazi

Ngawe siyoba osolwazi sibe osolwazi
Ngolwazi siyonqoba siyophumelela siyofinyelela ekusaseni elihle
Ngawe siyonotha
Dombolo lolwazi siyabonga ngisho nalamaqathana amnandi esisheba ngawo

Uyidombolo leqiniso
Uyidombolo lethemba
Esisika kuwe sidle sethabe