Uvelaphi kunini ngimlindile muntu onjengawe empilweni yami.
Kubuhlungu, kunzima, inhliziyo seyaba manxeba-nxeba igobhoza igazi mihla namalanga kungekho ukuphumula.
Lana engithi ngizama ukuphumula khona kubonisa ngathi kunomthunzi, kanti nendawo yokuhlala phansi ayikho.
Uvelaphi kodwa wemnikazi wenhliziyo yami, eyami inhliziyo yakhelwe kweyakho; kanti nothando lwakho luyazenzela lapha kimi
Angisenawo amaningi ngaphandle kokubonga uthando ongipha Lona. You’re such a good man. NGYABONGA.