Ngisho noma sengihayiza, lutho ukuzwakala,
Ngaze ngaphelelwa umdlandla wokukhala
Ngeskhathi ezipha mina ngoba efuna ukugcwilisa inkanukoyakhe,
Ngimncenga kodwa lutho ukuba nozwelo
Kodwa vele ikhanda lakhe lalingasebenzi yingakho wayengenamsebenzi

Wangiphendula oganile la ekhaya ngimncane
Kodwa sengimane ngiyasho ngoba noganile uphathwa kahle
Umzimba wami waphenduka ukudla kwakhe
Waqeda Ubuntu kimi, washiya isipoki esidla amabele

Ubuthongo angisabazi, buvinjwa yiminjunju esenhliziyweni
Angisalwazi nothando, inhliziyo ihaqwe inzondo
Kuncono iNkosi ingithathe, umhlaba ungihlabile
Umzimba wami wonakalisiwe,
Angazi ngoba ngithi anginacala, pho ngijezelani

Mama umfowenu ulala nami