Lulapha,
Lapha ngakwesokhohlo,
Phakathi kulesisigubhu sikagesi,
Lufana njengamalahle,
Amalahle aphehla ugesi ngamandla,
Maqede kube nobudlikidliki,
Umlilo udabule phakathi
Kwamathumbu omhlaba,
Uphikelele emazulwini,
Qede liqhakaze ilanga esibhakabhakeni,
Liqhakaze njengegolide,
Liqhakaza esibhakabhakeni esicwebe njengomthombo othule ongashi ocwebile,
Kuhle komfula ogelezayo ongami uze uyofinyelela olwandle,
Lapho seliwudonsa ngamadlebe etsheni
Libhadlisa imifula nemifulakazi,
Qede kubhenywe emazulwini,
Kuqhume inhlokomo yenjabulo nemikikizelo,
Ephelezelwa izinyembezi zentokozo,
Sekwembulwa kwembeswa Kwamhlaba,
Nezibani zezulu sezide ziphambana esibhakabhakeni,

Lulapha
Lapha emathunjini omhlaba,
Luyagxabha njengentabamlilo,
Intabamlilo elindele ithuba lokuya kamhlaba,
Idlule amagolide namadayimane
Isiphikelele kwanhliziyo ngise,
Qede imbone umaqondana wayo eqhakaze njengembali,
Ifike iphenduke idwala eliqinile elingeyakuzanyazanyiswa
Kepha eliyogqolozelana nomaqondana walo esibhakabhakeni umlibe,

Lulapha
Lapha enhlizweni yami
Lufana nesibani esikhanyisa umqondo wami