Ngithi ngisabhekile ngiyintombazane

Enamaphupho amakhulu

Futhi namanje ngisenawo , ngangithi

Impilo yami iphelele , ngiytshel ukuthi

Nginakho konke , kodwa nkosi yami nangu

Bhuti , wavela empilweni yami kanjalo

Kwakhanya empilweni yami kodwa weza

Nesitha ngisho intombazane ebekade ingangithandi.

Ngendlela obekade ungibuka ngayo

Ngalendlela uthi uma unami umamatheke

Kuvele izinyo lakho lokugqibela emhlathini

Uze kushisa empilweni yami

Kumakhaza kodwa uthando belivutha

Uma ungena emagcekeni akwa Tholo

Ubungazele lutho wena kodwa ubuzokwenza what we call Adaption in English.

Wafika umfo ka Mthimunye , wanyathela kwazakala.

Wama nami Ezivunguvungwini zempilo

Kunomoya, imvul’ inetha, Ibetha imibani

Kodwa thando lwethu livuthe kunjalo nje.

Noma abantu Our union , be against yona

Kodwa sibatshengisile ukuthi uthando lingumanqoba wempilo nanamhlanje simile ngenxa yothando.

Merciful Lord , thank you ukuletha indoda yomfana empilweni yami , le engangiyibiza ngomngani kodwa ize ngobuhlobo bobukhwenyani.

Ngangena emagcekeni wakwa Mthimunye , kwalilizela umamazala wangomusa wagidel’idlozi abonga ithonga.

Ingakho ngithi uthando lwam naye it conquered

Bese ngiyivale ngo Amen

Ngiyathokoza mgcini wenhliziyo yami

Rhulani