Kwaba izeleze.

Ngiwa ngivuka ngokwami.

Ngilala obenyoni ngokwemvelo

Ngiphemba ikusasa lokukhanyisa ,

Elami ikhaya

Kepha kwaba izeleze.

Konke kwaphenduka esenja isthukuthuku .

Mhla konke kushabalele ngingazelele

Ngajika ngaba umhambuma zikhona,

Izinyawo

Kwaba izeleze.

Kwaba izeleze ukuzenzela ngokwami.

Ukufunda ngamaphutha kwangenzela ukukhanya.

Ukwazana nongaphezulu kwaba isfundo,

Sokujika okuyize kube wutho

Izeleze lajika laba wutho.