Kwa mpumelelo kuyizwe elibukeka liseduze

Kodwa likude, bayokutshela ababuyakhona.

Indlela eyakhona ilula ngamehlo engqondo

Kodwa inzima ngokweqiniso.

Iyindlela engahanjelwane

Injengokufa.

Uma ufisa ukuyithatha idinga ufake amatom

Njengembongolo.

Kwa mpumelelo izwe lababekezeli

Abayibamba ishisa kungabadini ukuthi bayimbe kangaki indlel’eyodwa.

Abadika khona bajatshuliswa ukufika khona

Bakhohlwe ubunzima abadlule kubona.