KUYAKHANYA IMPELA

Kusil’zulu vuka sekuyakhanya.

Kusil’zulu vuka kade kwase kade lakhala neqhude,

Libekezelukusa sekuyakhanya vuka.

Engane nansi inhlansi yelanga kade iphumile, Vulamehlo ubukisise zulu sekusile.

Kukhanyenhla nasezansi masiyephambili vele nendlela iyabonakala kuyakhanya impela.

Vukani mazulu nimbukule silwe’nhle impi yokunqoba ububha nezifo kuleli likaphunga nomageba, konke akuhlale obala kakade kuyakhanya ubumnyama buphelile.

Asiboniseni nesizukulwane ukuthi ukubumnyama uzibizela wena, abukho nhlobo kuyakhanya impela.

Nendlela icakiwe iyakhanya kusele abazohambangayo ukuze bazuze ukukhanya kwaphakade endlelen yokunqoba.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA