Mangivuka ngicabanga sona kuphela
Mangike ngasibuka zehla njalo izinyembezi
Ngisho ubuthongo lobu angisabazi
Ngidliwa imicabango, iyangibulala angisazi
Ngangingazi ukuthi nawe uyophenduka engingasamazi
 
Mina ke ngihlushwa isithombe bafethu
Ngiyazama ukusifaka uDelete kodwa phinde kuyala
Ngisasenalo ithenjana elingekho ningana
Aibo bafethu nina ave nje nilingana
Kwakuyini nje khona ukuthembana?
Iqiniso ngibonile ukuthi akukho ukuncengana
Kaze ngiyokubhekelwa ngubani masihlangana?
 
Wahamba wangabheka emuva juba lami
Wahamba walushiya usizi lwami
Bayangibuza ngawe nami
Kuba buhlungu zwana ngami
Ngithi ngiyakuqalaza usukude kunami
Zashabalala zonke izifiso zami
 
Khona Lesi Sithombe Bafethu
Sinaye ngimqabula emlonyeni
Bekazizwa ethandwa mangike ngathi manqa esphongweni
Ubezithandela uNkulunkulu uya njalo esontweni
Bafethu lo muntu bekenza kahle ngisho eskoleni
Mina kade sengizibona nginaye emshadweni
Phinde! Bengizikhohlisa
Themba uyaphilisa kawubulali
Thembalami mina alisekho emuntwini
Yimina lo sengathembela khona etsheni
Alusekho uthando entsheni
Ayikho into engenziwa usungazisakaza etsheni
 
Habe! Yazi ukube ngathola isixwayiso ngabe angikhali
Kwacala lami angilazi
Angingabazi ubuthongo lobu angisabazi
Umbhede wami uyokuxoxela indaba ongayazi
Amehlo ami asehlale ebomvu okwesikhova
Waze walithwala idombolo nhliziyo yami
Waze wafa imicabango nqondo yami
Sthombe sami esihle qhakaza njalo
Noma ungeke usangisiza sengiyokulahla njalo?
 
By Dumisani Mbatha