Abantu abaningi bayavama ukuxabana bebe bebanga ubala.
Kunohlobo labantu olubanolaka uma liholile noma linemali.
Kunohlobo olungazwani nokungabinamali okuthi uma ukhuluma okufaka imaliphakathi lixabane nawe.
Kunohlobo okuthi uma luphakathi kwabantu luzibone luyisiqhwaga ngalendlela yokuthi lugcina soluxabana nelihamba nabo.
Bese kuba nohlobo oluthi uma luphuzile lozibone lunamandla, sibelula nje isandla. 
Asibafunde sibazi njengoba sizazi ukugwema ukuxabana nabo, sibagweme mayikhona indlela.