ISONO SAM UKUMTHANDA

Kwanzekwanzimi kimi isono ukuthi ngiyamthanda.

Ontanga kumnandi kubo bayahleka bayagigitheka nabasebudlelwaneni nabo.

Mina kumuncu ngikhala ubsuku nemini.

Ngibeka ngibalisa ngiyibuza kungani enze nje kimi.

Ngizibuza ngiziphendula vele ngisho ngingamubuza angeke nhlobo angphendule.

Kubuhlungu ukuthanda umuntu obonakahle ukuthi akasenaluthando lakho.

Engani ngisho ungabhala imilayezo ize ilandelane, sobe aphendula akanaso iskhathi sami.

Umbuzo uthi kazi unesabani iskhathi kanti?

Noma ngingamshayela uyalivala ucingo asho khona usematase yena.

Yey sengyabona isono sami ukukthanda.

Sengifisa ngisho unganghlinza inhliziyo, akhiphe loluthando lalomuntu.

Sengikhathele ukuthanda umuntu ongangithandi ongenaso ngisho iskhathi sami.

Ngifisa ngisho ukukhohlwa nje umuntu weslisa empilweni yami,

Engani engithi uyindoda kimi kakangjabulisi ngalutho.

Pho kungani ngilokhu ngizihlupha ngaye na?

Uyachanasa wenza’kthandayo uyazi uzoxolisa axolelwe vele uyazi ngithanda yena yedwa.

Nginomzwangedwa kunzima kweyami inhliziyo.

Ngenzenjani impela ngiyamthanda okubi kakuvumi ngithi asehlukane.

Impela isono sami ukumthanda.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA