ISLIMA YIMI

Kuhlekwa usulu, kuyagigithekwa.

Kuxoxwa kuze kubukwane emehlweni kuhle kwezithandani.

Abehlukani nhlobo ubokwazi ukuthi uma ubona omunye endaweni thizeni nakanjani nomunye ukhona lapho.

Uma bekubona bajabulisa okweyingane ezincane.

Besho khona kuthi ungabusahamba kumnandi makukhona wena.

Kanti islima yimi angazi.

Kuhlale kuhlwekwanje kuhlekwamina .

Mangike ngafulathela bakhombisana ngam lusho phezulu’hleko.

Islima yimi iminyaka emingaka ngithi nginabangane?

Kanti bangidla ithende abafuni ukungbona ngiphumelela.

Bathi ngizenza ncono.

Bathi bayangilaya konke engikwenzayo bakubukela phansi.

Ohhe! Bengithi bayangithanda kanti sophinde.

Bengithi nam nginabo abangane kanti angbuzange’lengeni.

Izimpisi uqobolwazo zigqoke iskhumba semvu.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA