Ngicela uxolo
Mama ngicela ungixolele
Sengibuyile endeweni yobunyam.
Sengihluzile nasekhanda ,
Sengibuyile ejele futhi ngizimisele ukushitsha,
Amaphutha ngiwenzile ebunganeni bami kondw manje
Sengikhulile ngicela ungixolele Mama.
Sengiyakwazi ukuhlukanisa phakathi kokubi nokuhle,
Abangani bangidukisile , Manje umhlaba ungibonise lukhulu .
Sengiyabona Mama, amehlo ami asevulekile , sengihluzile nasekhanda .
Sengimdala kondwa kubazali bami ngizimisele ukuba yingane futhi kubona futhi.
Izindlela ezimnyama , ezinobungozi sengiyiziyekile
Ngizimisele ukushitsha futhi ngicela ukubuya ekhaya .
Imiyalelo Yabazali bami enganikwayona nebezongifundisa yona manje , ngizimisele ukuyitandisha.
Yebo nangiyisa esikhungweni sengfundo ephakeme kondw ngahluleka ukuziphatha bengivivinya ngabaleka
Kondwa ngizimisele ukuqala phansi ngifundiswe .
Mama sengingcono ekhanda seningawukhokhela umfundazwe nobaba ,
Ngiyathembesa kulokhu ngizowenza kangcono.
Ngigobisa ikhanda lami phansi, sengilindele umyalelo wabazali bami .
Umhlaba ungcolile , umhlaba unameva .
Umhlaba uyahlaba Mama, ngicela ukubuya ekhaya .
Labengisuka khona bengilala kangcono , Uma ngibhekile ngiqaphe impilo yami ,
Kanti namhlanje ngizimisele ukulala ekhaya elifundumel noma ngizolala kabuhlungwana imicabango ibuyile ekhanda lami.
Mama ngicela uxolo , Yimina umntwana wakho
u_ Okuhle .