Injabulo yami iwele ezandleni ezingafanele yaphenduka indumalo.

Iwele ezandleni ebekumele zinginike intokomalo

Ebengimthanda njengomnikazi wenjabulo yami.

Uphenduke umnikazi wesililo sami.

Lona ebengim’cabanga ngimamatheke sengimcabanga ngibibitheke.

Bengithi nginlnlethelwe ngabaphansi

Kanti phinde ngishaye phansi.

Kepha noma inhliziyo igaya izibozi.

Ingqondo ithi angithele igazi phansi.

Hleze owami umaqondana usalibele ezinkalwwni nabakhohlisi.

Kanti omunye uncabango ungitshela ukuthi mina ngadika ngedwa futhi ngzohamba ngedwa.

Sengyazisola ngikutshela abantu okungesikho.

Ngibatshele ukuthi siyathandana ngoba bengazi kanjalo.

Isambane imina uqobo lom’godi ngiwumbe ngangawulala.

Ngibizeleni zonke izicabucabu izona eseziyomvimba ngezintambo zolwembu.

Mina ngimubiza uphunyuka bemphethe kwazise uphunyuke ngimphethe.

Ngimbiza ufakazela izitha kwazise usefakazele osoke sibone.

Angimbopheli amanqina enyathi.

Bayomqaphela abanamehlo abanzi.

Labo bayobe bengenalo uthando kakade uthando aluboni

Sebgisaba nokuthemba itshe.

Wathinta abafazi wathinta imbokodo.

Mdali isizukulwane ezayo noma usungasiloba emabunzini.

Usiqondanise nomaqondana.

Luthengwa ngemali yini uthando?

Uma ngabe kunjalo pho kungani thina zichaka sahlonyiswa ngenhliziyo

Eyithuluzi lokuthanda.

Utha uma luthengwa ngemali kuyacaca luyisono

Kakade imali impande yesono.

Lapho ukhona thandaza lingawhalali

Hleze kukuqoqe ukuhlwa.

Izintombi zanamuhla sezishelwa ngokuqumba kwephakethe.

Sekusele kancane nazo sizithenge emakethe.

Namuhla awusathandelwa ukuthi uze ngani

Usuthandelwa ukuthi uze nani.

Sesiphila ezinsukwini zokugcina.

Inkosi impela ngiqinisile.

Ngiqinisile nasemthandazweni kwanhlanga zimuka nomoya.

Ukuhamba ukubona.

Mina sengifunde ukuthi ungasifaka isthandwa othandweni.

Ngeke ulifake uthando esithandweni