Ebusuku nemini ngicabanga ngawe

Angilali angozeli

Ngicabanga unembeza wami

Ngicabanga ngesimilo sami

Impilo yami uqobo

Impela ubuthongo angisabazi

Ngidliwa unembeza

Ngike ngicabange impilo yami iguquguquka okwesimo sezulu

Ngizibuza ukuthi ngingubani

Impela negama angisazazi

Ngike ngibuke indlela engishintshe ngayo

Ngibuke indlela esengiyiyo

Impela konakele

Miningi imicabango edlala ngomqondo wami

Iyashintshashintsha

Ungafunga kuwumabonakude

Inhliziyo yami igaya izibozi

Ukuthi ngani nami angazi

Ngike ngicabange ngihambela phezulu

Ngiphinde ngicabange ngingelutho

Ngingento yalutho kubantu

Kodwa ngibuye ngziduduze

Kwazise phela sengaphenduka umduduzi

Mihla yonke ngihlale ngiziduduza

Kiyo yonke imicabango ejulileyo

Impela ngiyasaba

Impilo yami isaphenduka isidlalo sengqondo yami

Kwazise phela hlezi ngicabanga ngami

Ngzibuz’ ukuth ngabe ikusasa lingiphatheleni

Njengoba singadalelwene impilo efanayo

Izinyembezi zami sezaphenduka imvula ekhukhula inhliziyo yami

Mihla yonke yokuphila kwami

Inhliziyo yami intanta emvuleni yezinyembezi zami

Ungafunga kumuka nothando enhlizwen yami

Akukho okunye ukunokuobeka umoya phansi

Hleze khona kungasiza

Nam angazi

Kulengqondo yami ehlangahlangene

Ephithene ngenhliziyo yami

Kuke kube mnyama engath akusewukukhanya enhlizweni yami

Kazi nembeza washonaphi?