Ngisazothi sthandwa sami ngoba angiyiqondi lento ka ex yami
Ngibhala lenkondlo ngiciphizela izinyembezi
Ngoba ngicabanga iselelesi,esatshontsha inhliziyo yami
Ex yami
Yebo khona wayiphula inhliziyo yami
Kodwa ngisahamba ngayo lenhliziyo eyopha igazi
Nengaphandle lami alinazo izibazi
Bakhona abazibona izinyembezi nezinhlungu zami
Kodwa iningi labo alibazi ubunyama obuse nhlizweni yami
Ndlelanhle mtanomuntu nami ngelinye ilanga iyokudedela inhliziyo yami
Ngelinye ilanga ngiyoqhakaza ngazo lezi zibazi zami
Ngiyacela uyiphathe kahle lentokazi oyibiza ngesthandwa sakho
Ungawule ubheke ungashaywa yizinduku zakho
Angikubopheli amanqina enyathi kodwa ngiyathemba legazi elophayo alisoze lasabela