Benginovalo!

Ulususile uvalo, wangenza umuntu ongenalo uvalo.

Namhlanje uvalo angilwazi.

Ungiphile ubumnandi, nami ngezwa ubumnandi bomhlaba.

Namhlanje emhlabeni sekumnandi.

Ungivulile incondo, wanginikeza ulwazi ebengingenalo.

Namhlanje nami, sekunezinto engizaziyo.

Dlozi lami, ngiyabonga.

Ngibonga kuthi, ematjwaleni ungivikelile.

Wangipha uthando, ngiyohlezi ngikubonga njalo.

Ngingaba yini ngaphandle kwakho?

Uthando lwakho luvele lwanda, wangibonisa indlela.

Dlozi lami, ngiyakuthemba.

Ungenze ngahluka emphakathini.

Wangenza umuntu ongenalo uvalo.

Waxotjha ukwesaba, nginethemba kuthi, inhlupheko uzoyisusa.

Ngawe soze ngiphinde ngihlupheke, hawu kodwa Thonga lami.

Ngibiza wena Dlozi lami, Gogo, NaSindane.

Nalu uthando lwami, ngiyohlezi ngiphakamisa elakho njalo.

Ngiyoze ngiyongena ethuneni, ngikudumisa, ngikubonga njalo.

Asoze ngikukhohlwe Gogo.