Bheka Ilanga

Ukuphuma kwelanga ukushona kwalo

Ukushona kwelanga ukuphuma kwalo

Alishoni lingaphumanga futhi…

Aliphumi lingashonanga

Alithi liphuma bese lishona

Alithi lishona bese liphuma

Futhi laphuma lizoshona nakanjani

Lashona lizophuma nakanjani

Liyazazi ukuthi libalulekile

Liyazi ukuthi siyalidinga ukuze siphile

Lisazi kahle isikhathi sokuphuma

Lisazi kahle isikhathi sokushona

Amandla alo awapheli

Amandla alo awanamkhawulo

Kwala noma lihamba lukeke ebusika

Yeka ubuhle balo lapho liphuma!

Yeka ubuhle balo lapho lithambama!

Okungakenzeki kusazokwenzeka

Ubuhlungu bandulela ubumnandi

Ubunzima bandulela ubulula

Usizi landulela injabulo

Ubumnyama bandulela ukukhanya

Angeke uvune ungatshalile

Angeke kumile kungahlwanyeliwe

Akwenzeki ngokushesha

Akwenzeki kalula kanjalo nje

Ngesithelo somshikashika

Ngesithelo sokushikashikeka

Umvuzo umzamo

Umzamo umvuzo

Ngaphandle kokunye akwenzeki okunye

Ungapheli amandla

Ungapheli umoya

Njengelanga ubalulekile

Njengelanga unendima ebalulekile

Njengelanga kuvumele ukuphela amandla okwesikhashana

Kodwa kusasa uzovuka unamandla amasha sha

Ze ujabulele ukuphila

Ngokubheka ilanga

ibhalwe ngu :

S’thembiso Sydney Msezane