AMAXOKI LAWA BALEKA!

Dadewethu qhaphela,

Dadewethu lalela,

Mfowethu baleka,

Mfowethu qhela Kubo,

Mina sengiyabazi.

Ababhalwe ndawo Kodwa Laba ngiyababona bazokonisa.

Ababhalwe ndawo Kodwa Laba ngiyakwexwayisa ngabo.

Bona angeke ububona ubuqili babo ungasondelanga kubo.

Buza mina sengiyabazi ngiyakwazi Nokubabona ngingakazimbandakanyi nabo.

Laba bafundisana imikhuba emini.

Laba bafundisana ubugelekeqe.

Laba bangochwepheshe ekuhlebeni nasekufakana eweni.

Baleka bazokufundisa ukungahloniphi.

Baleka bazokufundisa ukweq’esikoleni.

Baleka bazokufundisa ukubhema nokuphuz’itshwala.

Hlaba ngejubane bazokufundisa ukuthi ungayi endlini kaJehova kugcwel’amaxoki nabathakathi.

Lalela bazothi hambodansa kuze kus’ezipotini.

Sekuyisikhathi sokugoqwa komhlaba.

Ngithe abalungile labo bantu baleka.

ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala