Okwekhasi likabhanana,

Ongigxobayo ngyamuwisa,

Shwii! Bhalakaxa!

Uzam’ukwenzan’uzolimala.

Wangisukela wanginyathela,

Nginge anyanisi ngizokukhalisa.

Ngob’uyabila ngizokupholisa.

Usukhukhumele kakhulu, ngizokwehlisa.

Ngizodlula khona bevalile

Ngoba ngaphikelela befungile.

Lelijoka ngilibambe lishisa,

Lopholel’ezandleni.

Ungangizeli ngobuso,

Abeze njengawe sihamba phezu kwabo.

Izitha zinqotshiwe ngomkhuleko.

KuMdali zikhon’izimpendulo.

Ungangitapi kancan’okogwayi kagogo.

Ngizokuphendukel’esiswin’okukagologo.

Ungangithengi ngezinyo, angiyo inhlekabayeni.

Ikhotha eyikhothayo mnewethu.

Angingabi yisikhothane ngedwa.

Bathi ihlekisana ihlomelene,

Mina ngithi amaxoki gede!