AKWENDLULI

Kuyasa, kuba imini kanjalo nobsuku.

Bakwethu akwendluli nhlobo lokhu.

Kungidla ubusika nehlobo ngisizeni.

Injabula incane loma livela ihlaya sengihleka ngibuye nganeno ayendluli nansi into.

Noma ngithi ngyadla akusadleki ivele ibuye lento kunzima kweyam’mpilo.

Ngiphuce ingane yami impilo ngayihlalisa kobandayo ngezami izandla.

Kazi ngiyogezwa ubani leligazi elikwezam izandla?

Kwakhona uyobe engigeza ngani bakwethu akwendluli.

Akusekuningi engikucelayo kukodwa qha.

Ukumvusa aphile ukuze ngikhululeke.

Sengthandazela ukuthi ngiluthole uxolo kuye uqobo umntanami nangosuku lokuqulwa kwamacala kwelizayo.

Akwendluli nhlobo sengthandaze ngaze ngayeka,

Ngakhulekelwa kwakhathala abazalwane.

Inkinga isono saziwa yimi kuphela.

Inkinga ngyazi kangiguli ndawo isazelo secala enginalo siyangidla sengize ngazaca.

Akwendluli nhlobo mdali ngiphe uxolo sekwanele.

Ngyasivuma isono sami ngabulala.

Akwendluli nhlobo ngisho ithami lamanzi livele lingime ngzithole sengihisheka.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA.