Ngiyakhala ngiyalingoza,
Nanti’ zwe lethu lifa
Wo, yeka ubuhle balo obungaka
Sekwafana nephupho konke sekwashabalala
Yek’ imfudumalo nothando
Sekwaphela konke kwasala inzondo
Ngiyabuza ma-Afrika ngithi
Kwakhala nyonini?
Abafazi nezingane
Bayahlukunyezwa babulawa okwezimpukane
Abaholi basiholel’ ebumnyameni
Intsha yethu ingene shi ebugebengwini nezidakamizwa
Maye babo
Kanti kwenzekani ma-Afrika,
Nant’ izwe lethu liphenduka.
Konakele,
Ikati lilel’ eziko
Imisebenzi ayibonwa
Imali ayikho
Imfundo iyabiza
Ikusasa kalaziwa
Mina ngiyakhala ngawe Afrika
Oh Nkosi sikelel’ i-Afrika
Kulesi sikhathi esinzima