A boy will always be a boy
Because he’s gonna treat like his toy;
Ngyaktshela mfethu uzokudlala;
Kuhle kwengane encane uma idlala ibhola;
Kuhle komuntu ohlafuna ishungama kwase kwaphela ushukela;
Ngyaktshela ilapho ezokulahla khona;
Not because ebekade ekuthanda;
Kodwa ebefuna ukukusebenzisa.

UMFANA UYOHLEZI ENGUMFANA
Ngoba nakhu wakutshela ukuthi uyakuthanda;
Bese nawe wamukholwa;
Ngoba umbone ekwazi ukudlala ngamagama;
Wavele wacabanga ukuthi mhlawumbe nguye umaqondana;
Kodwa ekugcineni wavele wazisola;
Uma usuthola ukuthi lomuntu ebekudlala;
Ngyaktshela mfethu uzokhala wedwa;
Lapho kungesana muntu ozokududuza.

UMFANA UYOHLEZI ENGUMFANA
Ngiyafunga uzozisola ukuthi wamuthandelani;
Uzozibuza ukuthi kahle kahle kuye benibangakhi;
Phakathi kwenu ebethanda bani;
Kahle kahle wakushelelani;
Ngempela ngempela ebeqondeni;
Lapho usubona ukuthi wazichithela isikhathi.

UMFANA UYOHLEZI ENGUMFANA
Lapho sekubuhlungu ngoba wamunika uthando lwakho lonke;
Wamunika inhliziyo yakho yonke;
Because uzitshela ukuthi uhlukile kunabo bonke;
Kanti lutho dali unidlalile bonke;
Wasenza sikholwe Zonke;
And manje usekuthathele konke.

UMFANA UYOHLEZI ENGUMFANA
Sisi wami nawe dadewethu ngiyacela;
Hlukana nokuthanda kakhulu;
Futhi ungavumi ukukhohliswa;
And ungasheshi ukuthemba;
Ngoba ekugcineni uzozisola;
Lapho sukhala wedwa;
Kungesana muntu ozokududuza.
UMFANA UYOHLEZI ENGUMFANA