(Zahamba izinyanga waze washaya uZibandlela lapho uMsindazwe ayegeza khona umcako, mese eyaphuma nasedlozini. Lolu suku kwabe kungusuku olukhulu empilweni yakhe.Umcimbi waqhubeka kahle, abantu badla inyama, ukudla, kanye namanzi amponjwana, nezinye iziphuzo ezazikhona. Abantu bajabula futhi babusa.)

Msindazwe: Ngiyabonga dlozi lami elangikhipha emaweni langifaka endleleni, ngiyabonga mdali. Ngizonikhumbula nonke.

Biyela: Nathi sizokukhumbula ngane yami.

Zulu: Uqinisile umah la Ngomane sizokukhumbula kakhulu futhi ezinhlizweni zethu iyohlezi ikhona indawo yakho.

Msindazwe: Ncoh! Ngiyabonga.

Biyela: Usebenze kahle ngane yami, ngikupha izibusiso, ngithi idlozi nomdali akukubheke njalo.

(Kusukela ngalelo langa uMdletshe wayesebenza ngabantu futhi waba namathwasa, elapha abantu. Impilo yalo mndeni wakwa Mdletshe ayibange isafana kodwa babephila kahle futhi belihlonipha kakhulu idlozi.)

 THE END!!