(Kwase kubusihlwa ngesikhathi uNeli noBiyela befika lapho behlala khona)

Biyela: Zulu noDladla!

Zulu & Dladla: (Bagijima base beyaguqa) Emakhosini?

Biyela: Makhosi! Ake nisiphathise la makhosi amakhulu. Zulu, izinkukhu lezi ebengithe anozibamba, nizibambile?

Zulu: Yebo makhosi sizibambile.

(Bahamba baya esgodlweni, uBiyela wahlebezela uNeli ukuba ayofihla izinkukhu ekhishini.)

Biyela: Sikhulekile emakhosini aka Dladla.

Dladla: Anishaye sbone *2 uMakhosi ufihlile*2 uMakhosi udinga itiye.

Biyela: Makhosi! Awuhambe uyosenzela itiye. Umahamb’ayozithathela, abangoma bayozithathela, ngoba kuhl’ukuzithathela abangoma bayozithathela (esho ecula noZulu.)

(Wahamba uDladla wabuya namatiye, wawabeka phansi wase eyagida waqeda wabanika.)

Biyela: Sikhulekile emakhosini akaZulu. Zulu: Anishaye sbone*2, uMakhosi ufihlile*2, ufihle ezedlozi*2, izinkukhu zesizulu.

Biyela: Makhosi zilaphi?

Zulu: Anishaye sbone*2, uMakhosi ufihlile*2, ufihle ezedlozi*2, izinkukhu zesizulu, zisekhishini.

Biyela: Makhosi! Umahamb’ayozithathela (washo wacula).

(Wahamba uZulu wayolanda izinkukhu ekhishini wabuya wagida wase eyaguqa)