(Avuka amathwasa ekuseni, aphahla izinkamba zawo, ageza, abuya agida. Kulo mino uNeli akalele ulokhu ebuka ngaphansi kwenguboukuthi benzani.)

Zulu: Ngicabanga ukuthi kumele uvuke sisi ukuze ulungisele indlela ngoba no mah useyalungisa.

(Wavuka uNeli walunga bahamba noBiyela baya kubo kaNeli, kaMdletshe.)

Biyela: Nqo! Nqo!

Makhuzwayo: Ngena kuvuliwe.

Biyela: Sanibonni ekhaya.

Makhuzwayo: Yebo sawubona.

(Wathi uyaqalaza uMaKhuzwayo wabona uNeli.)

MaKhuzwayo: Awu kodwa Neli mtanami uvela kuphi?

(Avele athule uNeli)

Biyela: Eh umtwana wenu lo ufike laphaya ekhaya izolo (wachaza konke uBiyela kusukela esibonakalisweni sika Zulu kuze kuba ukulala kukaNeli laphaya emagcekeni akoBiyela)

Makhuzwayo: Awu kodwa nkosi ngengane yami! Ayikho enye indlela esingenz ngayo?

Biyela: Cha ayikho ngoba sebezikhulumele ukuthi bafunani, ayisekho enye indlela. Ngiyaqonda ukuthi uyikhathalele ingane yakho kodwa kuzomele kwenziwe lokhu ngokushesha ukuze kungaze kube nomonakalo layi khaya. Uma ungenziwa lokhu ngokuphuthuma kungase kuvele isifo layikhaya noma umtwana ashawe uhlangothi. Ekushaweni kwakhe wuhlangothi , akukho azophinde akwazi ukukwenza noma uzomane amuke namanzi angaphinde abuye nami angazi ukuthi yini ezokwenzeka.

MaKhuzwayo: Awu kodwa nkulunkulu wami! Into engizoyithini ke mina le?

Biyela: Ayikho into engayisho. Wena nje nomndeni wakho kuzomele nikhulule umtwana, ukuze izinto zakhe zizohamba kahle, nedlozi lakhe lizokwazi ukumlekelela nokumkhnyisela.

MaKhuzwayo: Kulungile uma kuyiyona ndlela ezomsiza. Uma kuwukuthi ukuthwasa yiyo indlela ngiyakukhulula ngane yami.

Biyela: Okunye ngaphambi kokuba sihambe, kuzomele ukuthi nishise impepho, nibikele amadlozi ukuthi umtwana useyahamba, uyokwenza lokhu abakufunayo.

MaKhuzwayo: Kulungile. Awuthi ngithinte ubaba ngimtshee ukuze ezoshisela umtwana impepho.

Biyela: Ngicela umtshele aphathe amakhandlela ayisikhombisa ayixubi, izimpepho ezintathu ezihlukene, inkukhu emhlophe, izindwangu ezibomvu kanye namabhayi abomvu.

(UMaKhuzwayo wathatha umakhalekhukhwini wakhe wafonela uNgomane (Sandile) wamtshela konke lokhu wabe esethi akaphuthume ukuze ezoshisela umtwana impepho.)

MaKhuzwayo: Eh Ngomane uma unemibuzo sesiyokhuluma uma sewufike endlini.

(Wafika ubaba ka Nelisiwe eziphethe zonke izinto base bemtshela konke nokuthi inkinga ikephi.)

MaKhuzwayo: (Esukuma) Othi ngiyokwenza into ephuzwayo lapha ngasekhishini.

(Wahamba umama ka Neli wayokwenza ijusi ekhishini, wabuya wabanika. Baphuza ijusi baqeda base behamba beya endlini yempepho bafika bashisa impepo basho ukwakumele bakusho, babika nokuthi uNeli useyoqhuba umsebenzi wedlozi.)

Biyela: Neli sisi ungahamba uyothatha izinto zokugqoka ozozidinga ukuze sesizohamba kodwa ngaphambi kokuba uhambe ngicela ukuthi sisizane ngokuthi ungaliphathi ibhulukwe ngoba alingeni emagcekeni ako Biyela.

Neli: Yebo.

(Wahamba uNeli wabuya nezingubo zokugqoka base bevalelisa. uSandile wabanikeza izinto abe ezithengile kanye nemali engamakhulu ayisikhombisa (R700) yokukhanyisa esigodlweni. Baphuma bahamba oNeli noBiyela.)