(Kusesigodini sakaNongoma lapho uMakhosi uBiyela ekhuluma namathwasa akhe uDladla noZulu.)

Makhosi Biyela: (Ememeza) We Dladla no Zulu anize lapha!

Dladla & Zulu: ( Bengena endlini beguqa) Makhosi!

Makhosi Biyela: Nginibize lapha ukuzonibonga ngenhlonipho eninayo nesizotha senu futhi ngiyacela ukuthi ningangesabi, nikhululeke nje uma ninami.

Dladla: Siyabonga mah futhi siyethembisa ukuthi sisazoqhubeka sibe yilezi zingane esiyizo lapha ethongweni futhi sikhululekile.

Makhosi Biyela: Kulungile zingane zami seningakhululeka.

(Waphuma uDladla wasala uZulu.)

Zulu: Mah bengisacela ungipha indlebe.

Makhosi Biyela: Khuluma mtanami kwenzenjani?

Zulu: Eh Makhosi nginokugula okungihlasele kodwa ekuguleni kwami ngilokhu ngiboniswa udade lapha ofake simo sezinto engingathi mina amabhayi kodwa futhi lodade uphithizela kuwo lamagceke alayikhaya, lesi sibonakaliso siqale safika njengesimo sephupho ngangasinaka kodwa saphinde sabuya uma sengiphahla angazi ngempela ukuthi siqondeni.

Makhosi Biyela: Zulu ngan’yami ngohlale ngisho kodwa ukuthi amaphupho niwanake ngoba kukhona okuthile abantu abadala abasuke befuna ukukukhuluma nawe noma abasuke befuna ukukuxwayisa ngakho kodwa ke ungazikhathazi ngicabanga ukuthi bewuziboniselwa ithwasa elizayo njengoba nami bese ngike ngaba nephupho elithi alifane nelakho.

Zulu: Empeleni kunjalo Makhosi ngiyabonga Makhosi Biyela: Kulungile mtanami.

(UBiyela wabiza uDladla, walayitha amakhandlela base beyakhuleka baze baphahla.)