Lindiwe: ngiyakuzwa Mandla mfethu.

Mandla: kodwa?

Lindiwe: kodwa kangeke ngikwazi ukuzibandakanya nawe kwezothando.

Mandla: kuyobanga yini lokho noma kuyoba iyiphi imbangela eyokuvimba ekutheni ungakwazi ukuzibandakanya nami?

Lindiwe: okokuqala nje kasazani Mandla.

Mandla: okwesibili?

Lindiwe: ukuthi mina ngizimisele ngokuthi ngiqede isikole kuqala ngaphambi kokuba ngibe semathandweni.

Mandla: kulungile ngiyakuzwa kodwa awuke ungiphendule lana, umama nobaba wakho bathandana sebazana?

Lindiwe: chabo kodwa phela … (Abindeke)

Mandla: akukho kodwa phela lana ngoba nathi singazibandakanya nje kwezothando bese sazana ukuhamba kwesikhathi sisendleleni yothando.

Lindiwe: ayi ke angisazi mina ngithini.

Mandla: vele ulwamukele uthando lwami siqhubeke nempilo.

Lindiwe: cha angikwazi mfethu ncese.

Mandla: ngoba?

Lindiwe: nginomuntu engithandana naye.

Mandla: awu! Usunomuntu futhi wena? Ekubeni manje nje bewuthi ufuna ukuqala uthando Uma sewuqede isikole.

Lindiwe : ayi Mandla awukame kuncono sibe ngabangani.

Mandla: sibe ngabangani? Cha ngeke ngikwazi.

Lindiwe: iyona yinto esingaba yiyona leyo, ayikho enye.

Mandla: ayi cha kushuthi uyokuba ngumngani wedwa ke mina ungangifaki lapho.

Lindiwe: ngoba yini?

Mandla: ngoba angifuni nje, wena wake walibona ikati lingumngani negundwane?

Lindiwe: cha angikaze.

Mandla: yikho ke nami ngingeke ngibe umngani nawe, ngakhoke ungamane usale kanjalo nobungani bakho. (Amshiye kanjalo ehambe, akhulume yedwa u Lindiwe)

Lindiwe: (ekhuluma yedwa) hawu! Kodwa njengoba besisakhuluma kamnandi nje? Kanti yini engone ngayo bakithi?

(UZethu uhambisana no Xoli bayaxoxa)

Zethu: sawubona Xoli , unjani.

Xoli: ngiyaphila Wena?

Zethu: ngiyaphila nami,wahamba wedwa namuhla kutheni?

Xoli: ngilahlekelwe umngani wami yazi kunini ngimucinga esikoleni dololo.

Zethu: siyafana ke lapho nami ngiyathemba ungishiyile u Mandla.

Xoli: phephisa kodwa asisale sihambisana ngoba vele siya endaweni eyodwa.

Zethu: akunankinga mabhebeza, vele kushuthi ithuba lokuthi sihambe sobabili namhlanje sizithole.

Xoli: sizithole? Kanjani?

Zethu: sike sikhulume nje uyabona sincokole.

Xoli: ok ngiyezwa

(Kuthuleke umzuzwana)

Xoli: awuke ungitshele ngomngani wakho u Mandla.

Zethu: ngoba kwenzenjani?

Xoli: ngiyazibuzela nje ngoba ngifuna ukumazi.

Zethu: ukugiya kwelasta kuyangisolisa ke manje.

Xoli: usho ukuthini ngalokho?

Zethu: usuyamfuna ke.

Xoli: ngikuzwa ngawe ke lokho, manje uzongitshela noma cha?

Zethu: kulungile ke ngizokutshela ungaze ungidle.

Xoli: ayibo ngeke ngakudla wena ngamane ngidle uMandla, ngiyadlala bo.

Zethu: kulungile uMandla, umjita ozilungele nje, ozithulelayo, ofuna kuhlezi kuhlekwa akazwani nempi.

Xoli: mmmh! Qhuba ngilalele.

Zethu: ayi futhi kungani ungayi ukuyobuza yena?

Xoli: ngiyamsaba nje

Zethu: Uma umsaba yindaba yakho leyo, singemane sixoxe ngokunye?

Xoli: kungani wase uvuka ulaka nje manje?

Zethu: akulutho ukuthi nje uyangicasula Uma ulokhu ungibuza ngomjita ekubeni nami ngingumjita.

Xoli: umngani wakho nje?

Zethu: ukuthi umngani wami lokho kuqeda ukuthini? Futhi khona lapho ngizoqala khona usuyohamba kahle (ahambe phambili)

Xoli: kodwa Zethu akulungile lokhu okwenzayo ukuthi ungaze umonele umngani wakho pho? Kuyafana nokuthi umfowenu Lona nje?

Zethu: yeyi! Awungiyeke bo.

Zethu: akunankinga mabhebeza, vele kushuthi ithuba lokuthi sihambe sobabili namhlanje sizithole.

Xoli: sizithole? Kanjani?

Zethu: sike sikhulume nje uyabona sincokole.

Xoli: ok ngiyezwa

(Kuthuleke umzuzwana)

Xoli: awuke ungitshele ngomngani wakho u Mandla.

Zethu: ngoba kwenzenjani?

Xoli: ngiyazibuzela nje ngoba ngifuna ukumazi.

Zethu: ukugiya kwelasta kuyangisolisa ke manje.

Xoli: usho ukuthini ngalokho?

Zethu: usuyamfuna ke.

Xoli: ngikuzwa ngawe ke lokho, manje uzongitshela noma cha?

Zethu: kulungile ke ngizokutshela ungaze ungidle.

Xoli: ayibo ngeke ngakudla wena ngamane ngidle uMandla, ngiyadlala bo.

Zethu: kulungile uMandla, umjita ozilungele nje, ozithulelayo, ofuna kuhlezi kuhlekwa akazwani nempi.

Xoli: mmmh! Qhuba ngilalele.

Zethu: ayi futhi kungani ungayi ukuyobuza yena?

Xoli: ngiyamsaba nje

Zethu: Uma umsaba yindaba yakho leyo, singemane sixoxe ngokunye?

Xoli: kungani wase uvuka ulaka nje manje?

Zethu: akulutho ukuthi nje uyangicasula Uma ulokhu ungibuza ngomjita ekubeni nami ngingumjita.

Xoli: umngani wakho nje?

Zethu: ukuthi umngani wami lokho kuqeda ukuthini? Futhi khona lapho ngizoqala khona usuyohamba kahle (ahambe phambili)

Xoli: kodwa Zethu akulungile lokhu okwenzayo ukuthi ungaze umonele umngani wakho pho? Kuyafana nokuthi umfowenu Lona nje?

Zethu: yeyi! Awungiyeke bo.

(UMandla usendleleni ebheke kubo ukhuluma yedwa)

Mandla: Kanti konakele kuphi vele ngoba bengikade ngiza nayo lengane ,kungabe ngiyilahle kuphi vele? Kodwa akusenani okwenzekile kufana nokudaliwe. Futhi Ake ngike ngizipholise inhliziyo ngo Facebook (akhiphe ifoni bese engena Ku Facebook)

Mandla: awu lengane engu Bongiwe isekhona ayikaphumi? Kushuthi ibilokhu ingilinde ngibuye esikoleni? Awuzwake Ake ngiyibingelele (ayibhalele) sawubona Bongi Bongi…

Bongiwe: hello, Mandla unjani?

Mandla: ukukhala akusizi ndoni yamanzi ngingezwa kuwe muntu wasemzini.

Bongiwe: nami kangikhalazi, usubuyile esikoleni?

Mandla: yebo ntokazi sengibuyile, Wena bewulokhu ulinde mina nje?

Bongiwe: kunjalo Mandla Phela ngiyakuthokozela ukuxoxa nawe ukube uyazi.

Mandla: kwamina ave ngithokoza Uma ngixoxa nawe kuvele Kube ngathi sesike sahlangana ngaphambilini.

Bongiwe: kuhle Uma kunjalo Mandla.

Mandla: ugcine ungangiphile isithombe sakho njalo.

Bongiwe: bese ngikhohliwe Mandla. Mmmh kambe ngizokunika siphi.

Mandla: noma ngabe yisiphi nje esikwenza ujabule nawe.

Bongiwe: nasoke sengisithumele.

Mandla: hawu! Madoda ubuhle obunje? Cha impela bayazala abanye omama lapha ngaphandle.

Bongiwe: ngiyabonga ngicela ungipha nawe esakho.

Mandla: okokubonana kuyozenzakalela ngesikhathi sako ngoba kuyaye kuthiwe lapho kukhona uthando nendlela ikhona angithi?

Bongiwe: ngiyaye ngibezwe besho njalo.

Mandla: Pho manje Thina singavinjwa yini?

Bongiwe: akukho okungasivimba.

Mandla: okusho ukuthi uyavumelana nami?

Bongiwe: ukuthini kambe?

Mandla: ukuthi ngiyakuthanda?

Bongiwe: ngiyezwa kodwa kunzima ukukholwa ngoba Kade babedlala ngami.

Mandla: khululeka mina angeke ngidlale ngawe, kepha ngizokuthanda ngikuhloniphe ngikunike nemfudumalo.

Bongiwe: kulungile Mandla, nami ngiyakuthanda.

Mandla: ngampela?

Bongiwe: yebo ngempela.

Mandla: okusho ukuthi usungowami?

Bongiwe: yebo Mandla, ngingowakho manje.

Mandla: ayibo! Usuyintombi Yami?

Bongiwe: yebo Mandla.

( Ajabule uMandla afike nasendlini Kubo elokhu emamatheka yedwa)

Mandla: sanibonani.

Mkhize: Ja mfana uyaphila

MaZuma: yebo ndodana.

Mandla: ngiyaphila ngingezwa kunina(emamatheka)

MaZuma: nathi siyaphila mfana wami.

Mkhize: waze wawumoyi- moyi istolo sase trehe mfana kwenzenjani?

Mandla: lutho baba ngizijabulele nje.

Mkhize: ngiyathemba kawujatshuliswanga ukweba amajuba abantu?

Mandla: lutho Khabazela.

MaZuma: hawu! Mnyeni wami usungaze ufanise ingane nesela Pho?

Mkhize: uthi angithini Uma elokhu emoyizela ngathi yibhotela libona ilama?

Mandla: khululeka baba akunjalo ukuthi nje…

Mkhize: ngiyathemba uqonyiwe ke?

Mandla: kunjalo baba

Mkhize: Pho manje awusho ngani? Ja mfana wami usuzoba yindoda ke manje sekuyabonakala ukuthi ungumfana wami wesende manje kawufikanga nonyoko emzini kababa.

MaZuma: kodwa we Mkhize wabanjani?

Mkhize: ngaba mnyama nje angithi uyangibona?

(UZethu uthukuthele ugane unwabu ngenxa ka Xoli)

Zethu: yeses uyajwayela u Xoli ulokhu engitshela ngo Mandla? Nginandabani mina no Mandla, nx! Ukuthi umngani wami akusho ukuthi ngizalwa naye, deshedi man. Kuncono ngizifonelele intombi yami u Zinhle. (Emfonela)

Zinhle: (ephendula ecingweni) hello sthandwa sami.

Zethu: mabhebeza, ukahle?

Zinhle: ngikahle mina muntu wami ngezwa Wena?

Zethu: mina ngethunukele mabhebeza, umoya wami awukho Kahle neze.

Zinhle: sekwenzenjani kodwa sthandwa?

Zethu: akusona yini lesi sishimane esingu Mandla nokusaba izintombi.

Zinhle: (ngohleko) sesenzeni isigwadu sabantu kodwa?

Zethu: uyazi bengihamba nje ngizikhulumela nenye intombazane gwiqiqi hawu! Seyilokhu ingibuza ngalo Mandla, uyazi ngivele nganyanya nje.

Zinhle: kodwa nawe sthandwa ihaba elani kodwa? Usungaze uthukuthelele ukuthi bakubuza uMandla?

Zethu: ja angithi mina angiyena lowo Mandla ndini?

Zinhle: cha muntu wami uyaphambuka ke lapho ngoba kumele ngabe uyakuthokozela ukuthi uMandla useyazama ukukhuluma nezintombi, kumele ngabe Wena uzishaya isifuba ukuthi wakhona ukumgqugquzela wamfundisa futhi.

Zethu: eyi! Kona lapho uqinisile ke uyazi.

Zinhle: kungani ke kumele ulokhu uqumba?

Zethu: okunye ukuthi ungishiyile namhlanje azange asho noma esehamba nje.

Zinhle: kodwa Zethu? Usungaze uthukuthelele ukuthi bakushiyile? Kahle nje Wena mhlampe ubekade enento ebikade imdinga ephuthumayo.

Zethu: ukuthi futhi nomngani ka Lindiwe ubehamba yedwa ngoba u Lindiwe emshiyile.

Zinhle: uyabonake ukuthi ubekade esayoqhubeka nokushela u Lindiwe ngakho ke Wena akumelanga ulokhu uzihlanyisa nje.

Zethu: sengiyazihlanyisa manje?

Zinhle: lokhu okuthukuthelelayo nje kuveza ukuba nomqondo wobungane ngakho ke kumele ukhule, please.

Zethu: ayi kulungile baby Uma kusho Wena sengizoshintsha ke sobuye sikhulume ngisafonela yena uSmindlo manje.

Zinhle: nansi ke indoda yami engiyaziyo, ayi lento Kade sewuqala ukuba yiyona, ok ngiyakuthanda yezwa?

Zethu: uthandwa yimina dali. (Acime ucingo bese efonela uMandla) Ola Smindlo.

Mandla: Ola boy, ugrand?

Zethu: standard ntwana, Wena ugrand?

Mandla: Ek is nca seun, moen worry.

Zethu: awuzweke boy, manje zithini wavele wanyamalala nje emini?

Mandla: eyi, ntanga kusuke kwaphuthumeka kakhulu ngoba bengijahe no Lindiwe.

Zethu: ok ntwana, manje kuhambeni?

Mandla: Kona ntanga kuyazameka kancane uyabona kodwa kuzolunga.

Zethu: kuhle Uma kunjalo mdladla ngoba no Xoli ubelokhu ebuza ngawe.

Mandla: ayibo ntwana, usho nje?

Zethu: kunjalo nje mfana iyakufuna lengane.

Mandla: manje uthi ntwana ngimungene ngishiye u Lindiwe phansi?

Zethu: lokho kuzoba ngakuwe ntwana kodwa uzishaye ngawe lomshana.

Mandla: ngizomngena mfethu ungasabi athi ngisabizwa umdala ngapha.

Zethu: kulungile ntwana, sokhuluma lokhuya jampasi Ku Facebook uyabo?

Mandla: nakanjani boy, yizo!