Sekudlule izinyanga ezimbili U Xolile esithwele ubudlelwane bakhe no Sfundo buhamba kahle Kant no Nomasonto usencono enhlizweni. U luthando yena ubhizi ngebhizinisi lakhe futhi usethole ithuba lokuthi azincengele ku Nomasonto.

Isesibhedlela.

Luthando: Sawubona Thobeka.

Nurse Gumede:Ufunani,nina bafana bakwa Ndlovu niyahlupha.

Luthando:Cela unginikezeka u Nomasonto lezizimbali Kanye nale ncwadi.

Nurse Gumede: Kulungile Hamba.

(Bahlangane)

Nomasonto:Sisi nansi ifile uthe umatron ngikunike.

Nurse Gumede:,Khohlwa omatron Nazi izimbali ne love letter from Luthando.

Nomasonto:Ngizenzeni pho.

Nurse Gumede:,Funda lencwadi wena .

(ayifunde.Ifundeka kanje:

Dear : Nomasonto

bengicela ungibone namhlanje kwami kunezinto okusamele sizilungise mina nawe . Kungangithokozisa ukukubona uhlale Wazi ukuthi ngikulindele.

from: Luthando ❀️❀️

Nurse Gumede:Manje uzoya noma?

Nomasonto:Ngisazocabanga.

Nurse Gumede: Ithuba lakho leli lokuzitholela indoda ezokunakekela.

Nomasonto: Angisafune lutho ezongihlanganisa namadodana aka Ndlovu.

Nurse Gumede: Umngani Wami usemathandweni.

Nomasonto : Awukahle Thobeka usufuna kwazi sonke isibhedlela lesi.