U Nurse Gumede uvuka Ekuseni uthola uNomasonto eselungiselile ukuhamba.

Nurse Gumede: Usuyahamba

Nomasonto:Yebo ngisafuna ukuyobheka ukuthi USfundo uyikhokhelile yini irenti.

Nurse Gumede:Yazi bungahlala musafisa?

Nomasonto: Ngiyazi futhi Ngiyabonga.

Nurse Gumede: Cela ungifonele mawufika.

Nomasonto: Kulungile usalekahle.

(Usehambe wafika emqashweni wakhe ufica u Sfundo elele )

Nomasonto: Sfundo Vuka bo!

Sfundo: Sthandwa Sami usufikile awuthi ngithi kiss kancane.

Nomasonto: uyikhokhelile yini irenti?

Sfundo: Hhe?

Nomasonto: uyikhokhelile yini irenti?

Sfundo:Cha……..

Nomasonto:kodwa ufuna okiss usahluleke ukukhokha irenti.

Sfundo: Awusho ulale kuphi izolo?

Nomasonto: Unesibindi sokungibuza lawomanyala usahluleke ukukhokha irenti

Sfundo; Bengikhathazakile ngawe

Nomasonto:Ukube bukhathazekile ngempela buzongifuna uze ungithole.

Sfundo:Nxese Sthandwa Sami Yazi bengikukhumbule kanjani

Nomasonto:Ngenzele ukudla sibone ungikhumbulile.

Sfundo:You know I can’t cook to save my life.

Nomasonto:Zama bhuti.

Isemini u Sfundo ungena endlini ka Xolile.

Sfundo:Ungibizile.

Xolile:Ungahlala phansi.

Sfundo:Yini Usetholile u Luthando ukuthi Ngilale nawe?

Xolile:Cha!Okunye.

Sfundo: Yini kanti

Xolile:Ngikhulelwe.

Sfundo:Ini?

Xolile:Yebo Ngicabanga ukusikhipha isisu

Sfundo:Cha! Ngeke uyibulale ingane Yami sizoyigcina.

Xolile:Ukuphila kwalengane ukuphela kobudlelwane bami no Luthando.

Sfundo:Ngizoyithini nje lento(ethwala izandla ekhanda)

Xolile:Angeke ngikwazi ukuhlukana noLuthando noma Ngingamthandi kodwa…………….. (akhale)

Sfundo:Cela Ungakhathazeki Maxoli.

Xolile: Ngizosikhipha lesisu

Sfundo:Ngeke ngikuvumele ubulale umphefumulo ongenacala.

Xolile:Lomphefumulo ongenacala uwona ozodala izinkinga Lana.

Sfundo:Sobuye sikhulume(Aphume)

Xolile: Sfundo!Buya

Uluthando usebuyile emsebenzini uXolile usahlanza namanje

Luthando:Asiye kadokotela

Xolile :Cha ngizoba right.

Luthando:Cela Uhambe uyozilungiselela uye kadokotela.

Xolile: Ngizoba right nje.

Luthando:Shesha Maxoli.

Nangempela bagqoke baye Esibhedlela.

Doctor:Sengibuyile futhi.

Luthando:Ingabe Ukahle ?

Doctor: Ungakhathazeki Mr Ndlovu nginiphathele izindaba ezimnandi .

Luthando:Yiza nazo dokotela.

Doctor:Nizoba ngabazali Mrs Ndlovu is Two weeks pregnant. Ngizonishiya.

Luthando: Sthandwa Sami sizoba ngabazali , Ngiyabonga mdali Ekugcineni sekuzoba no Gatsheni omncane .

Xolile: Sthandwa Sami Cela ungiyise ekhaya ngidinga ukuphumula.

Luthando: Kulungile.

Ucabanga ukuthi kuzokwenzekalani?